S’Villa – Khaya Lam’ Lyrics
S’Villa Khaya Lam’ Lyrics
[Verse 1]
Unginika lonk’uthando lakho
Ungikhusela lapho ngihamba khona
Uma kumnyama wena uyakhanyisa
Ngakho angizukwesaba lutho
Shona malanga ngikhumbul’ikhaya lami
Hamba zinsuku ngiyobona abazali bami
Hamba zinsuku ngikhumbul’ikhaya lami
Lapho ngingezukuswela lutho
[Pre-Chorus] Ngibong’ indlel’ ongiphethe ngayo
Ngibonga izimfundiso zakho
Ngibong’ indlel’ ongphethe ngayo
Ngibonga izimfundiso zakho
Ngibong’indlel’ ongthanda ngayo, ngayo!
Ngibong’indlel’ ongthanda ngayo
Ngibong’ indlel’ ongthanda ngayo, ngayo!
Mangibona sekunjena, uthando lakho khaya
Lingiphil’ukukhanya
Ngihambile, ngibonile, kodwa akekho ofana nawe!
Amathafa nezintab’ ezikude, ey
Zingimele zithi wen’ ukude
Nginethemba mama, ngikhulile baba
Ngikhumbula lonk’ uthando lakho [Pre-Chorus] Ngibong’indlel’ ongphethe ngayo
Ngibonga izimfundiso zakho
Ngibong’indlel’ ongphethe ngayo
Ngibonga izimfundiso zakho
[Chorus] Ngibong’indlel’ ongthanda ngayo
Ngibong’indlel’ ongthanda ngayo, ngayo!
Ngibong’indlel’ ongthanda ngayo
Ngibong’indlel’ ongthanda ngayo, ngayo!
Yebo ngiyazi akukho lula mama
Nal’uthando alukho lula baba
Ukubamb’uyeka, ukuqinisela
Kukho konke benizimisela